Basenkantolo abavukuzi ngawokubulala eMarikana

2017-10-13 12:30

Rustenburg - Abavukuzi abangu-18 ababhjekene namacala okubalwa kuwo elokubulala ngesikhathi kuqhubeka isiteleka esinodlame eLonmin Platinum Mine, eMarikana eminyakeni emine eyedlule, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo eNkulu yaseNorth West ngoLwesihlanu.

Kwabulawa abantu abangu-10 ngalezo zinsuku ezaholela esibhicongweni sangomhlaka-12 Agasti 2012, ngesikhathi kudutshulwa kubulawa abavukuzi abangu-34, bebulawa amaphoyisa.

Kwaboshwa abavukuzi abangu-19, kodwa umsolwa oyedwa, uMajeke Nonkonyana washona.

OLUNYE UDABA:Sikhumbula isibhicongo esenzeka eMarikana

Abasolwa abasele babhekene necala lokubulala, ukuphanga, ukucekela phansi impahla nokutholakala nesibhamu ezingekho emthethweni.

Kulindeleke ukuba abvele enkantolo enkulu ehlezi eMogwase.

UMbuso usola ukuthi laba babulala amaphoyisa amabili, onogada ababili baseLonmin nabavukuzi ababengatelekile.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...