Basenkantolo abasolwa ngokubulala eGlebelands

2018-04-10 14:01

Durban - Icala lamadoda angu-7 asolwa ngezigameko zokubulawa kwenqaba yabantu ehostela lodumo eThekwini iGlebelands lisenkantolo namuhla.

La madoda azofaka isicelo sebheyili eNkantolo yesiFunda eThekwini.

Kubandakanyeka nephoyisa kulezi zigameko zokubulala.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa omunye ehostela KwaMashu

Ngokusho kwebhuku lamacala, abasolwa basolwa ngokwakha itulo lokubulala abantu abahlala kuleli hostela ukuze bezokwazi ukuphatha balawule nezimali ezikhokhwa abahlali basehostela.

Sekubulawe abantu abangaphezu kwabangu-90 kuleli hostela.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...