Basenkantolo 'ababhacisa' iziboshwa ezeqa ejele eLimpopo

2017-10-31 12:32

Johannesburg - Kulindeleke ukuba kuvele abantu ababili eNkantolo yeMantshi yaseLouis Trichardt namuhla (ngoLwesibili) ngezinsolo zokucashisa iziboshwa ezine kweziyisikhombisa ezeqe ejele iKutama Senthumule eduzane naseMakhado, eLimpopo.

UBrigadier Motlafela Mojapelo uthe indoda nowesifazane bakhoselisa lezi ziboshwa ubusuku baze bazinika nempahla yokugqoka ukuze zizoshintsha.

"Kukholakala ukuthi iziboshwa ezine ezeqa ejele zaya emzini osedolobheni iLouis Trichardt lapho ezafike zacashiswa khona yilaba bobabili ngaphambi kokuba zihambe ekuseni ngoLwesihlanu lwangomhlaka-27 Okthoba. Izingubo zeziboshwa zatholakala kulo muzi," kusho uMojapelo.

OLUNYE UDABA:Kubulawe 10 iziboshwa zizama ukweqa ejele

Amaphoyisa okwamanje asakwile ukuphinde abophe iziboshwa ezinhlanu ezeqa kuleli jele ngesikhathi kusuka udweshu ngoLwesine ebusuku kwaze kwaba yizintatha zangolweLwesihlanu.

Amaphoyisa athe iziboshwa zavuka umbhejezane zashisa zaphinde zacekela phansi impahla kuleli jele.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi ojele bathola ukuthi kweqe iziboshwa ezingu-7 ngesikhathi sebezibala.

Iziboshwa ezinhlanu kulindleke ukuba zivele ngaphambi kwenkantolo khona namuhla (ngoLwesibili).

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...