Basale enkundleni abasolwa abathathu kwaDabeka

2017-10-22 15:31

eThekwini - NgoMgqibelo ebusuku ngo-20:45, amaphoyisa abesebenzela kwaDabeka ngomkhankaso wokulwa nobugebengu kule ndawo.

Ngesikhathi amaphoyisa ehamba emgwaqeni uKhululeka, abone imoto inabantu abahlanu.

Ngesikhathi bezama ukumisa le moto, abebegibele kuyo bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA:Bayavela abasolwa ngokubulala umshayeli webhasi eKapa

Amaphoyisa nawo aphendule ngenhlamvu, adubula abulala abasolwa abathathu.

Kule moto, amaphoyisa athole izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni kwatholakala nokuthi le moto yebiwe eNewlands West.

Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini sakwaDabeka kanti uphenyo lusaqhubeka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...