Basale enkundleni abasolwa ababili abebedubulana namaphoyisa eMkhomazi

2017-06-21 19:35

Durban - Amadoda amabili adutshuliwe ngesikhathi ethathana ngamavolovolo namaphoyisa kwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe lokhu kwenzeke ngoLwesibili ngesikhathi amaphoyisa abizelwe endaweni yaseMkhomazi kunesigameko sokuphanga.

"Kuthiwa usomabhizinisi ube amaphoyisa ngesikhathi ehlaselwa amadoda amathathu ahlomile. Abasolwa bakhombe lo somabhizinisi ngezibhamu bathatha imali, omakhalekhukhwini kanye nama-airtime ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lwe-VW Polo empunga ngokwebala," kusho uZwane.

Amaphoyisa ahlangane nale moto isuka kule ndawo, kuthe ngesikhathi abasolwa babona amaphoyisa, bavulele ngenhlamvu bebaleka.

"Amaphoyisa agijimise laba basolwa baze bafika ngaphansi kwebhulohwe eliku-N2 lapho abasolwa baphume khona emotweni babaleka ngezinyawo bequbeka nokudubula amaphoyisa," kuqhubeka uZwane.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa kulandela ukudutshulwa kwephoyisa eMamelodi

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili kanti owesithathu uphunyukile.

Amaphoyisa aphenya amacala okugebenga kanye nokuzama ukubulala. Amaphoyisa athole yonke impahla eyebiwe, izibhamu kanye nezinhlamvu kubasolwa ababili abasale enkundleni.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...