Baphuthunyiswe esibhedlela abafundi abashaywe wuthisha

2017-02-08 07:30

Bulawayo – Abafundi abahlanu abasanda kuqala esikoleni samabanga aphakeme bangeniswe esibhedlela ngemuva kokushaywa wuthisha yize kungasavumelekile ukushaywa kwabafundi ezikoleni.

Ngokwephephandaba iChronicle, uthisha ofundisa esikoleni iSolusi High School ubesebenzisa induku, amaqupha kanye nangezinye izinto ukushaya abafundi abahluphayo.

OLUNYE UDABA:Usamile kwelokuthi akanacala uthisha kolwaseNquthu

Ngokusho komfundi oyedwa, naye uke washayelwa ukufika ngemuva kwesikhathi ehholo lesikole.

Lokhu kuphambene noMthethosisekelo omusha wasezweni iZimbabwe owangeniswa ngonyaka ka-2013 lapho kwaqedwa khona ukushaywa kwezingane ezikoleni.

Lesi sikole asitholakalanga ukuphawula ngalesi sigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 5-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...