Baphume phambili abebesolwa ngokudayisela abafundi insangu
2017-05-10 07:03
Durban - Abebesolwa ngokudayisela abafundi izidakamizwa esikoleni iSiyajabula High KwaNyuswa entshonalanga yeTheku batholwe bemsulwa yiNkantolo yeMantshi yaseCamperdown ngoMsombuluko.
U-Andile Nxele oneminyaka engu-25 ubudala noNdumiso Phewa oneminyaka engu-19 ubudala bebekade bevele phambi kwemantshi kulandela ukuboshwa kwabo ngoLwesihlanu.
IMantshi ibathole bengenacala ngenxa yokungabibikho bobufakazi obuqinisekisa ukuthi insangu abatholakale nayo ngeyabo.
OLUNYE UDABA:Ushaywe ngoswazi oluncane umama obedayisa insangu
Abasolwa baboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe mayelana nezidakamizwa ezidayiswa emphakathini nasesikoleni.
La maphoyisa abehambisana nophiko lweProblem Oriented Policing.
Kuthiwa umphakathi awuthokozanga ngokudedelwa kwalabasolwa njengoba usale ushaqekile.
- KZNEYETHU
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- News 24