Bangu-9 ababoshelwe ukushisa isikole eKranskop

2017-09-13 11:00

Durban - Amaphoyisa aseKranskop ngosizo lwabe-Crime Intelligence abambe abasolwa abangu-9 ngamacala okweba nokushisa impahla yesikole.

Laba basolwa babanjwe ngoLwesibili ebosuku ngemuva kwemibiko yokwebiwa kwempahla.

NgoMsombuluko emini abafundi besikole iSokheni High School bavuke umbhejazane bashisa amakilasi futhi bagqekeza nehhovisi likathishanhloko

Laba bafundi kuthiwa bebebhikisha ngoba bengathokozile ngesiko sesikole nokuyilapho abanye babo bebe impahla yesikole ngesikhathi kuqhubeka lo mbhikisho.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Abafundi bashise isikole bebhikisha eGreytown

Amaphoyisa athole amabhayisikili, ama-laptop nama-tablet athathwe ngesikhathi kushiswa isikole.

Laba basolwa bazovela phambi kweMantshi yaseKranskop kungekudala kanti amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...