Bangu-15 abantu abangakatholakali kulandela ingozi yesitimela ngeledlule

2018-01-08 12:30

Kroonstad - IShosholoza Meyl isikuqinisekisile ukuthi bangu-15 abantu abangakatholakali namanje kulandela ingozi yesitimela eyenzeke ngeledlule eFree State, kubika i-eNCA.

Imindeni iyaqhubeka nokuhlonza izidumbu emakhazeni aseKroonstad abevaliwe ngempelasonto.

Bangu-19 abantu okwaqinisekiswa ukuthi bashonile ngemuva kokuba iloli lishayise isitimela, kwalimala abanye abantu abaningi.

OLUNYE UDABA: Kuzohlonzwa izidumbu zabashona engozini yesitimela neloli

Izihlobo zalabo abangakatholakali zinethemba lokuthi bazotholakala kungekudala, kwazise abatholakalanga ezibhedlela nasendaweni yesigameko.

Khonamanjalo, kulindeleke ngoMsombuluko kuvulwe izincingo zakwa-Prasa ezizosebenza usuku lonke ngenhloso yokusiza imindeni.

IPrasa ibambe umhlangano nemindeni yabathinteka kulesi sigameko ngoMsombuluko.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...