Bangase babhekane nelokuzama ukubulala elabesifazane 'abashisa' umfana, 10, nge-ayina

2018-02-12 14:00

Johannesburg - Umama namadodakazi akhe amabili bangase babhekane necala lokuzama ukubulala ngezinsolo zokushisa umfana oneminyaka engu-10 ubudala nge-ayina elishisayo.

UMinah Kekana, 48, namadodakazi akhe amabili uJohana noSinah, womabili aneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala, bavelile eNkantolo yeMantshi yaseMookgophong eLimpopo ngoLwesihlanu ngecala lokuhlasela umfana.

UMinah noJohana badedelwe ngebheyili ka-R500  ngamunye, uSinah yena - ozithwele - wadedelwa ngesexwayiso.

Umshushisi uChris Maruma watshela inkantolo ukuthi uMbuso uzogqugquzela ukuthi amacala aguqulwe abengawokuzama ukubulala.

"Sicela inkantolo ihlehlise icala ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo kutholakale nokuthi ingane ilimale kangakanani."

Ubaba wengane uthe indodana yakhe yafika ekhaya ngoLwesibili ikhala ngezinhlungu zokushiswa nge-ayina.

"Kwakunzima nokuthi ihambe, yangitshela ukuthi ilinyazwe wumndeni wakwaKekana ngemuva kokulimaza ingane yakulo mndeni. Bayivalela endlini bayihlanganyela."

OLUNYE UDABA:Uvelile owaseNquthu oshise intombi nge-ayina eyisola ngokujola nomngani

Abassolwa kukholakala ukuthi bayikhumulisa izingubo yasala ngesudi yesele base beyishaya ngesikhali esicijile.

"Indodana yathi bashisisa i-ayina bayishisa ngalo emilenzeni nasemzimbeni. Abantu abazibiza ngomama bangayenza kanjani into enje enganeni eneminyaka engu-10 ubudala?"

Ubaba womfana uthe wayinqaba imali engu-R600 ayinikwa yilo mndeni ngesikhathi uxolisa.

"Angikwazi ukudayisa ngempilo yengane yami. Ngibafuna besejele bonke."

Ingane iyalulama esibhedlela iVoortrekker.

IMantshi uFrans Mahodi ixwayise umndeni wakwaKekana ngokuthi amacala ababekwe wona abucayi ngoba isisulu sisangumnfanyana.

Icala lihlehliselwe umhlaka-22 Febhuwari.


 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...