Bamudle bamufela ozame ofake esokudayisa iFord Kuga yakhe

2017-01-07 18:30

Johannesburg - Bamudle bamufela abantu ngesikhathi uNatalie Barrass efaka isikhangiso sokudayisa imoto yakhe yohlobo lwe-Ford Kuga Ambient yango-2013 enkundleni yezokuxhumana.

"Cha...siyabonga, zivele zivuthe nje lezi moto," kusho omunye umuntu kanti omunye uthe: "AbakwaFord bathe injini yale moto iyashisa, sibuyele kumnikazi wesikhangiso, kungani usidayisele ithuna?"

OLUNYE UDABA: IVIDEO: Abakwa-Ford SA baphendula ngemoto eshe ihamba

"Okubuhlungu ukuthi ukudayisa le moto sekuvele kwanzima," kusho uBarrass ophinde wathi nabakwaFord nabo abanalo usizo.

"Ngivele ngashaqeka ngendlela abanye abantu abangidilike ngayo. Njengamanje kume konke. Angikwazi ngisho nokuyofuna enye imoto kwaFord kanti namathuba okuzidayisela yona asemancane kakhulu. Ngiyayithanda imoto yami, okunye engingenaso isiqinisekho sakho ngamalungelo ami njengomthengi kuyo yonke le nxushunxushu," kusho uBarrass.

AbakwaFord baqalise uphenyo ngezinjini ezishayo kwi-Kuga ezinenjini engu-1.6 litha EcoBoost, eqashwe ngabeNational Consumer Commission.

- IOL

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...