Bamisiwe onogada bakwaShoprite kulandela esokushaya ikhasimende

2017-10-09 14:00

Johannesburg - Sebemisiwe onogada besitolo sakwaShoprite ababonakala kwivideo beshaya bephinde begaxa owesifazane ozankosi ngemuva kokuba indodakazi yakhe izikhululele ngaphandle kwesitolo i-Usave Shoprite eCosmo City.

Abaphathi balesi sitolo bafake isitatimende enkundleni yezokuxhumana iTwitter, bethi labo nogada sebemisiwe emsebenzini.

Bathe isigameko sibuhlungu futhi siyishwa.

"Sibikelwe ngesigameko ngakho siqinisekile ukuthi akusiyo indlela okphatha amakhasimende ikakhulukazi phambi kwezingane."

UNgqongqoshe wezokuphepha koMphakathi eGauteng uSizakele Nkosi-Malobane, ovakashele esitolo ngeSonto ekhashwa yizikhulu zasemaphoyiseni iSouth African Police Services, uthe omunye walabo nogada usesesitokisini, kanti laba abanye ababili bona bazodluliselwa emaphoyiseni.

Kuphinde kwezwakala nokuthi labo nogada abrkho rmsbhukwini, usho njalo eqhuba.

Kuzwalake ukuthi indodakazi kaThandi Shaparadzo izame ukuzikhulula ngaphandle kwesitolo, kodwa uShaparadzo wakhuza wabe esengena esitolo, lapho aqondwe khona onogada abathathu, amadoda amabili nowesifazane, bamuhudula bamuhlalisa phansi, bamufaka ozankosi, ingane yakhe ihhayiza izama ukuya kunina.

Lesi sigameko saqoshwa kwivideo sasabalaliswa nguThabiso Phinda enkundleni yezokuxhumana iFacebook.

UPhinda wabe esekhapha uShaparadzo eyovula icala lokushaywa esiteshini samaphoyisa.

 - IVIDEO:

 - Daily Sun

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...