Bamisiwe abafundi abathembisene umshado esikoleni

2017-09-28 16:00

Johannesburg - Sezivele zehla iziqhomo kubafundi ababili abafunda esikoleni samabanga aphezulu eGoli, abathembisene umshado emagcekeni esikole.

UMduduzi Tlou, 18, uthembise umshado intombi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala, (igama layo eligodliwe ngoba isencane ngokeminyaka), esikoleni, iTholulwazi Secondary eTsakane, eKurhuleni, ngesonto eledlule, kwasabalala i-video.

Kodwa ngemuva kwamahora ambalwa la bafundi bethembisene umshado phambi kwabanye esikoleni, isikole sishaqe indandatho yemali engu-R2 000 eyathengwe yisoka, uTlou, la bafundi bamiswa esikoleni.

Izolo (ngoLwesithathu) la bafundi bavele phambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe esikoleni.

OLUNYE UDABA:Uthembise umshado uCaster Semenya

UTlou utshele iSowetan ukuthi sebethandane izinyanga ezingu-8. Uthe ubefuna ukumshada ngoba wayishintsha impilo yakhe.

"Ngiyamthanda ngoba ngesikhathi ngihlangana naye, ngangibudlonya utshwala kodwa wakwazi ukungishintsha."

Lo mfundi owenza uGrade 11 uthe umshado into esekude okwamanje, basazolinda iminyaka emibili ngaphambi kokubopha elikasofasilahlane.

UTlou uthe indandatho wayithenga esitolo sobucwebe kwaSterns ngo-R2 000 abezibekela yona.

"Bengingazi ukuthi engikwenzile akuhambisani nomgomo wesikoleni. Ngimangele sesibizelwa ehhovisi ngomhlaka-18 Septhemba, siphuma ekhefini, kwashaqwa indandatho, kwathiwa asibuye nabazali bethu ngakusasa."

UTlou, uthe ukhathazekile ngokusalela emuva ezifundweni kulandela ukumiswa esikoleni. Njengamanje usephuthwe yizivivinyo ezine. Uthi ufuna ukuqeda izifundo zakhe, athole umsebenzi bese eshada isinqandamathe sakhe.

Intombi kaTlou yona, ithe nayo ikhathazekile ngokusalela ezifundweni zakhe esikoleni. Yathi futhi okuyiphathe kabi kakhulu ukuthathwa kwendandatho yayo.

Abazali balezi zithandani bathe bajabulile ngokwenziwe abantwana kodwa bakhathazekile ngokumiswa kwabo esikoleni.

Umkhulu kaTlou, uJacob Xaba, uthe: " Kungani lobu budlwelwano buphendulwe icala? Akamshade. Ngingamsiza ngisho nangemali yamalobolo."

Umama wentombazane, uNomsa yena, uthe: " Ngijabulile ngegxathu elithathwe yilezi zingane. UMduduzi ungumfana olungile, akekho omunye umkhwenyana ongcono engingamcabanga."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uSteve Mabona, uthe abafundi abazihloniphanga ngokuqabulana nokuthintana phambi kwabanye abafundi.

La bafundi bazonikwa ithuba lokubhala izivivinyo zabo abangazibhalanga, usho njalo.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...