Balwela amathoyilethi ahlanzekile abagibeli besitimela ePTA

2016-10-26 19:28

Pretoria - Kuqubuke impi ngamathoyilesi angcolile akwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) ePitoli, kubika iPretoria East Rekord.

Abagibeli basola abakwa-prasa ngokungcola kwamathoyilethi esiteshini sesitimela sasePitoli, bekhala ngokuthi labo abaqashelwe ukuhlanza amathoyilethi abawenzi umsebenzi wabo. 

Umgibeli oyisakhamizi saseHammanskraal u-Ouma Malebe uthe  ubona kumalungile ukuthi abagibeli bengakwazi ukusebenzisa amathoyilethi ekubeni amathikithi ebiza kangaka.”AbakwaPrasa fanele basitshele ukuthisizikhulule kuphi uma sigibela izitimela,” usho njalo.

OLUNYE UDABA: Zishise amathoyilethi izakhamizi zaseCape Flats zibhikisha

UMalebe  uqhube ngokuthi inking yokugcola kwamathoyilethi ayiqali manje watho ngokwakhe selokhu aqala ukugibela isitimela eminyakeni engu-20 eyedlule amathoyilethi angcolile.

Uphinde wathi kwesinye isikhathi la akungeneki  kulama thoyilethi njengoba esike ekhiyiwe okuphoqa ukuba abagibeli bagijime idolobha lonke befuna indawo yokuzikhulula abanye baze bashiywe amabhasi noma izityimela.Kufanele sichame kuphi? Phansi?

Yize kunjalo imenenja yakwaPrasa u-Annette Lindeque uthe amathoyilethi asuke ekhiywe ngoba asuke engasebenzi.Wathi amathoyilethi azolungiswa ngonyaka wezimali olandelayo wathi futhi nesibalo samathoyilethi sizokwandiswa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...