Bakhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi abasebenzi benkampani yonogada

2017-02-11 08:04

Durban - Abasebenzi benkampani yonogada, iVan Damme Security,  bakhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi nokuyinto ebafaka ezikweletini.

Laba basebenzi basola le nkampani ngokungabakhokheli ngesikhathi nokugoloza ukubanikeza ama-payslip.

Esinye sezisebenzi ezintathu ezikhulume neZindaba24, sithi sesisebenze iminyaka emine kule nkampani kodwa namanje akalwazi ukusuku abaholelwa ngalo.

Lona wesilisa oneminyaka engu-26 ubudala uthi: “Njalo uma sibuza ukuthi kwenzekani asiyitholi impendulo ecacile kanti kwesinye isikhathi sigcina siduve ngaphandle kwamahhovisi silinde into engathi shu.

“Kwesinye isikhathi basitshela ukuthi izinkampani azikabakhokheli izinkampani esizigadayo,"kusho lesi sisebenzi esingafunanga igama laso lidalulwe.

Laba basebenzi bathi lokhu kubalimaza kakhulu njengoba bagcina sebengena ezikweletini bengahlelile ngoba inyanga iyaphela bengazi ukuthi bazohola nini.

“Lokhu kuyangilimaza ngoba izikweletu angazi kumele ngizikhokhele ngaluphi usuku. Okubuhlungu wukuthi yimina ngedwa engisebenzayo ekhaya futhi nginengane encane efuna enkulisa."

OLUNYE UDABA: Sizobuvikela ngakho konke ubuholi be-ANC - Indodana kaZuma 

Esinye isisebenzi, 28, sitshele Izindaba24 ukuthi sesize sangena ezikweletini ngenxa yokuthi njalo kumele siboleke imali ukuze senze izidingo zempilo umqashi engakabakhokhi.

Lesi sisebenzi sithi sekuphele iminyaka emihlanu sona sikule nkampani kanti le nkinga yaqala ngonyaka ka-2015 ngezikhathi zePhasika.

Esinye isisebenzi, 31, sithi okunzima kakhulu ukuthi ngisho ama-payslip abawatholi.

“Uma sifuna ama-payslip sibuzwa ukuthi sizowenzani.”

“Mina nginezingane ezimbili futhi ngihlala emqashweni kanti nasekhaya ngiyondla. Umastende useze wajwayela ukuthi angikhokhi ngesikhathi kodwa ngihlala ngikweleta futhi ngibalekelaa nabantu engibakweletayo ngenxa yokuthi lusuke selufike lwaze lwadlula usuku lokhukha esasivumelane ngalo,” kusho isisebenzi.

Izikhulu zale nkampani azitholakalanga ukuba ziphawule, kanti imibuzo ezathunyelelwa yona kwaze kwafika isikhathi sokushicilela ingaphendulwanga.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...