Bakhala ngo-Uber abashayeli bama-meter taxi ababhikishayo

2017-03-10 11:00

Johannesburg – “I-Uber iyasibulala,” omunye wabashayeli bama-meter taxi ukhale kanjalo ngemuva kokuba abashayeli bala matekisi bengenele isiteleka, nokudale isiminyaminya esikhulu eKurhuleni ngoLwesihlanu ekuseni.

UMashikinoya, oyilungu le-Uber Task Team eyasungulelwa ukuqeda nya nge-Uber, uthi akukho la abengakaze baye khona bezama ukuxoxisana nohulumeni nokuyinto esibenze bangenela isiteleka.

Kuvalwe imigwaqo kanti nezimoto bezingakwazi nokunyakaza emigwaqeni emikhulu eKurhuleni, empumalanga yeGoli, nalapho abashayeli bala matekisi angaphezu kuka-60 bebevale thaqa umgwaqo.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuvaleke imigwaqo kuteleka ama-meter taxi

“I-Uber… yeza lapha ukuzobulala imboni. Asikwazi ngisho nokuyisa izingane zethu esikoleni. Sekwanele. Sikhathele futhi sidiniwe,” usho kanje.

UMashikinoya uthi kuyimanje bahlela ukubambisana nabashayeli bamatekisi angamakhumbi ukuze bathole ukunakwa uhulumeni.

“Siyaphoqeleka ukuthi sibambisane nabamatekisi. Uhulumeni uyabasaba, ayi thina. Abafuni ukukhuluma nathi. Bayazi ukuthi i-Uber ayikho emthethweni kodwa ayikho into abasayenzile ngakho.”

Uthi bazama ukubamba umhlangano noNgqongqoshe wezokuThutha, uDipuo Peters, kodwa umhlangano wakhanselwa ngomzuzu wokugcina.  

“Lokhu kukhombisa ukuthi uhulumeni usibukela phansi. Kumele ivele iphele i-Uber. Yafika ngokungemthetho, isebenza ngokungemthetho. Ayibhalisiwe. Into ezele nje ukuzosibulala.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...