Bakhala ngezigilamkhuba ezilutha umphakathi eMpophomeni

2017-01-17 16:00

eMpophomeni - Asezwakalise ukukhathazeka amakhansela angaphansi koMasipala wase Mngeni ngezigilamkhuba ezilutha umphakathi bese ziwuthathela imali.

Elinye lama khansela azinze endaweni yase Mpophomeni uMnuz Slu Buthelezi  lazwakalisa ilaka lakhe nalapho ethe  lokhu kufike ezindlebeni zakhe emva kokuba elunywe indlebe elinye ilunga lomphakathi.

OLUNYE UDABA:IMeya yeTheku ithi wonke amakhansela kumele akhulume isiZulu

“Nakuba ngingakayitholi imininingwane efanele. Labantu bacela omazisi kanye nezitifiketi zokuzwala ngenhloso yokuntshontshela  umphakathi imali yezibonelelo,” kusho uButhelezi.

“Nginesifiso sokuba umphakathi uwuhlabe uwulawule. Umphakathi kufanele ungalinge uvunyelwe ukusiswa ilezi ngebengu,”  kuphetha  uButhelezi.

Kuthiwa  lezigilamkhuba zifika njenbgabantu abazosiza umphakathi ngemali yesibonelelo, kubika Eyethu News.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...