Bahlangabezane nezimbila zithutha abebezama ukubamba 'imoto yemali'

2017-08-30 14:01

Johannesburg – Imizamo yezigebengu yokubamba imoto ethwala imali ayiphumelelanga ngemuva kokudubulana nonogada bayo eBroadway, eWitbank.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Leonard Hlathi, uthe abasolwa abane kukholakala ukuthi bahlasele imoto ethwala imali egaraji lakwa-Engen kuDedrick Street eWitbank ngezithuba zabo-07:00 ekuseni ngoLwesitahthu.

Uthi abathathu kubona bebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo kanti oyedwa ubehamba nge-Audi A4.

"Abasolwa bazame ukubamba inkunzi imoto yenkampani yakwa-G4S ethwala imali kodwa bahlangabezana nezimbila zithutha njengoba kuqhume inhlamvu, bagcina bengayitholanga imali.

OLUNYE UDABA: Ikhansela ezinsolweni zokudubula umfundi embhikishweni

“Kukholakala ukuthi umsolwa oyedwa udubuleke emlenzeni kodwa abehamba nabo bakwazi ukumdonsela emotweni yabo, babaleka endaweni yesigameko,” kusho uHlathi.

Uqhube wathi isakhamuzi esineminyaka engu-33 ubudala sithelwe amachaphazelo kulokhu kudubulana, kodwa ngenhlanhla sithinteke kancane emhlane.

Amaphoyisa athi abengakabophi muntu okwamanje kodwa asebikele izibhedlela ukuba zibazise uma kufika umuntu odubuleke emlenzeni.

- The Star

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala e-PE

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...