Bagwetshwe udilikajele abane abalahlwe elokubulala kwaMbonambi

2017-10-11 19:29

eThekwini -  NgoLwesibili inkantolo yesiFunda eMpangeni igwebe amadoda amane alahlwe yicala lokubulala.

UFanele Makhaya,27, Vincent Mngomezulu, 25, Bhekani Cebo Mngomezulu, 33 kanye noNhlakanipho Bongani Nyawo, 22, bagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uMzamo Prince Mbuyazi,29, waseCinci Reserve, KwaMbonambi.

Ngomhlaka 28 Agasti 2015, umufi wayenabasolwa bephuza kule ndawo ngesikhathi kuqala ingxabano.

OLUNYE UDABA:Lisesimweni esibucayi iphoyisa elidutshulwe ku-N4

Abasolwa bagwaza uMbuyazi amanxeba ambalwa emzimbi bamshiya lapho.

Kwavulwa icala lokubulala emaphoyiseni akwaMbonambi, uphenyo lwaholela ekuboshweni kwalaba basolwa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54: Ungubani uDavid Dabede Mabuza?

Emizuzwini eyi-8 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...