Bagwetshwe engu-10 ababamba inkunzi owesifazane eyesitokfela

2016-11-02 11:30

Johannesburg - INkantolo yesiFunda yaseThekwini igwebe amadoda amabili iminyaka eyishumi ebhadla ejele ngokubamba inkunzi owesifazane imali yesitokfela, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe u-Eric Sakhumuzi Mbokazi noMthandeni Prince Mkhize, bobabili baneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala, babamba inkunzi owesifazane imali yesitokfela eThekwini.

OLUNYE UDABA: Zisahamba phambili izitokofela

UZwane uthe kusolwa ukuthi ngomhlaka-5 Disemba ngonyaka ophelile, isisulu nomfowabo babesendleleni ebheke ezitolo e-Overport ukuyohlangana namanye amalungu amahlanu esitokfela, kuyohlukaniswa imali.

"Ngesikhathi besahamba kuJadhu Place bahlaselwa ngabasolwa ababili ababebakhombe ngezibhamu bebafuna imali, babaphuca yona base bephela endaweni.

"Kwavulwa icala lokuphanga esiteshini samaphoyisa aseMayville. Uphenyo olunzulu olwenziwa ngamaphoyisa lwaholela ekutheni kuboshwe abasolwa."

 - ANA

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...