Bagqunywe esitokisini abasolwa ngokweba amabhodwe nokunye emakhazeni

2017-11-18 11:30

Welkom – Abasolwa abahlanu bavelile eNkantolo yeMantshi yaseWelkom ngoLwesine ngecala lokweba amabhodwe namapani emakhazeni, kusho amaphoyisa aseFree State.

Okhulumela amaphoyisa uMamello Mokhuone, uthe abasolwa baboshwe ngoLwesithathu ngemuva kokwebiwa kwamabhodwe amathathu, igesi, amabhodwee esizulu, i-gazebo(itende elincane), izitofu zegesi ezimbili emakhazeni eThabong.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abathathu ngokweba imishini yokusika utshani

Ukuboshwa kwendoda eneminyaka engu-37 ubudala eyatholakala nempahla eyebiwe kuza ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indebe, kusho uMokhuoane.

NgoLwesithathu ntambama kwabe sekuboshwa amadoda amathathu, eneminyaka engu-44 ubudala namabili aneminyaka engu-47 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-52 ubudala ngokubandakanyeka ecaleni lokugqekeza.

La basolwa balindeleke ukuba babuyele maduze eNkantolo yeMantshi yaseWelkom.

Bonke abasolwa bagcinwe esitokisini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...