Bagqunywe esitokisini abasolwa ngokubulala umndeni eMarianhill

2017-10-10 09:30

Durban - Bazogqunywa esitokisini kuze kube wukuthi bathweswa icala abasolwa abathathu ababoshelwe ukubulawa komndeni eMarianhill, KwaZulu-Natal.

Umsolwa wesine uvelile eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Lesi sehlakalo siza ngemuva kwaleso sokubulawa kwamalungu omndeni wakwaSibiya angu-8 maphakathi neKwaZulu-Natal ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 4 ngokubulawa kwamalungu omndeni eKZN

Kuphinde kwahlaselwa umndeni wesithathu ngeSonto eFolweni lapho okubulawe khona usomatekisi nabashayeli ababili.

Iziphathimandla bezingakazihlanganisi lezi zehlakalo, esezenzeke esikhathini esingaphansi kwezinsuku eziyisikhombisa, kwaboshwa abantu ngempelasonto ngesigameko esenzeke eMarianhill.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwani uthe kusathweswe icala indoda eyodwa kwamane aboshiwe ngokubulawa kwabantu eMarianhill.

"Kuthweswe icala umsolwa oyedwa kwabane kwesokubulala eMarianhill, waze wavela naseNkantolo yeMantshi yasePinetown ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni."

Ithimba elihlelelwe ukubhekana nala macala lithembise ukusebenza ubusuku nemini kula macala.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...