Bafundele emgwaqeni abafundi bebhikishela ukwakhelwa isikole

2017-02-17 18:00

Johannesburg - Bavale umgwaqo abafundi osekunesikhathi befuna ukwakhelwa amakilasi.

Abafundi abesebenentshisekelo yokuzwkalisa izikhalo zabo, bakhethe ukuyofundela emgwaqeni, bavala umgwaqo uR63 ophakathi kwase-Alice naseFort Beautfort, e-Eastern Cape ngoLwesithathu.

Abashayeli basale bemangele ngesikhathi abafundi besikole iMdeni Senior bevale umgwaqo, bebhikisha ngendlela engajwayelekile.

Zisabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana izithombe zabafundi nothisha abebebhikisha, ezithathwe ngomunye wabashayeli bezimoto ebevalelekile.

OLUNYE UDABA:Uhlakaziwe umbhikisho wabafundi KwaMashu

Umshayeli osabalalise lesi sithombe ubhale ukuthi: "Abafundi bangitshele udaba olubuhlungu lokuthi kudala babecela ukwakhelwa amakilasi ngoba bafundela ngaphansi kwezihlahla.

"Sebeye kabili emahhovisini oMnyango wezeMfundo emasontwenia ambili adlule kodwa bengasizakali."

IDaily Sun ithole ukuthi amalungu omphakathi avele aqonda kuNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga ngoba uMnyango esifundazweni uthatha isikhathi sawo ukuwakhela isikole.

UMnyango uthi wayikhipha imali yokwakhiwa kwesikole, nokho yashoda.

UMnyango waphinde wakhipha enye imali waze waqasha nomuntu ozowakha amakilasi kodwa kusolakala ukuthi umakhi kuthe eseqedile ukuwakha wawakhiya ngemuva kokuthola ukuthi angeke aze aholelwe ngoba lo msebenzi ubusaphenywa.

Okhulumela lo Mnyango e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima uthe umakhi akakhokhelwanga.

"Iziphathimandla seziyile esikoleni kanti abafundi sebeyafunda."

Okhulumela amaphoyisa uSiya Nontshinga uthe ngenxa kwakungesiwo umbhikisho onodlame, akuboshwanga muntu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...