Bafuna uZuma agxeke uTrump ngokuvalwa kwabokufika eMelika

2017-02-03 16:01

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma kumele agxeke umyalelo wobuholi bukaMengameli waseMelika, uDonald Trump, ovala okwesikhashana abokufika abavela emazweni ayisikhombisa aphila ngokwenkolo yamaSulumane ukuthi bangalubhadi eMelika.

Lona ngumbono wenhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni i-Oxfam SA njengoba ithi ibhalele uZuma imcela ukuba agxeke uTrump esidlangalaleni.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuqubuke imibhikisho ngaphambi kokugcotshwa kukaTrump

Imcele nokuthi “azibophezele ekunyuseni isibalo sabokufika ohlelweni lweNingizimu Afrika lokuhlaliswa kwabokufika, okuhlanganisa nalabo abanqatshelwe indawo ephephile e-USA”.

Izinkulungwane zabantu bokufika, okubalwa nabaseNingizimu Afrika kanye nabase-Afrika, angeke besalithola ithuba lokuthi baqale kabusha izimpilo zabo eMelika.

Lo myalelo kaTrump uthinta abantu abangu-65.3 million asebesuke ezindaweni ebebehlala kuzona emhlabeni wonke, okubalwa namazwe ase-Afrika afana neSomalia, iLibya, kanye neSudan, kusho i-Oxfam.

Le nhlangano isinxuse abaholi bamazwe ukuba baphoqelele uTrump ukuba ajike lo myalelo bese bephinde benyusa nesibalo sabantu abafudukela emazweni abo.

Kuyimanje balinganiselwa ku-1 217 708 abantu bokufika abaseNingizimu Afrika. 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-28°C Sunny. Warm. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...