Bafuna kunyuswe isigwebo kowabulala umyeni ngoba ‘emthelele nge-HIV’

2017-04-22 15:30

Johannesburg - Abashushisi sebefake isicelo esisha sokuba inkantolo yengeze isigwebo esanikezwa owesifazane waseMpumalanga owaqasha izinkabi ukuba zibulale umyeni wakhe, uNzimeni Sithatu.

UPortia Tsotetsi wagwetshwa iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngoFebhuwari wonyaka odlule kulandela ukulahlwa yicala lokuthengela umyeni wakhe izinkabi ngoba emsole ngokuthi umsulele nge-HIV, kubika iSowetan.

Kuthiwa uTsotetsi waphinde wathengela izinkabi uDumisani Ngubeni, okuyindoda ayeyithumile ukuba ibulale umyeni wakhe.

UTsotetsi kuthiwa waqasha uNgubeni ukuba amsize ngokusoconga umyeni wakhe kodwa benze sengathi uzibulale yena.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala umyeni owayefuna idivosi

Isidumbu sikaSithuti satholakala silenga endlini encane emzini wakhe oseSakhile, ngaseStanderton.

Lo wesifazane wanquma ukubulala umyeni wakhe kulandela ukuthola ukuthi bobabili banegciwane lesandulela ngculazi, kanti umyeni wakhe wayedla ama-ARV ngasese.

Lowo onguMgqondisi wezokushushiswa komphakathi eGauteng, uSibongile Mzinyathi, utshele iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala ukuthi uTsotetsi kwakumele athole isigwebo seminyaka engu-25 etholoza ngaphakathi.

USithatu wabulawa ngoFebhuwari kwathi uNgubeni yena wasocongwa ngoMeyi, bobabili ngonyaka ka-2012.

Kuthiwa uNgubeni wabulawa ngemuva kokusabisa ngokuceba uTsotetsi, lo wesifazane wabe esemthengela inkabi yamgwaza yase ilahla isidumbu sakhe emfuleni.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...