Badedelwe ngebheyili abakuleli ababoshwe eTanzania 'ngokugqugquzela ubutabane'

2017-10-27 12:31

Johannesburg – Ummeli wamalungelo abantu eNingizimu Afrika uSibongile Ndashe kanye nozakwabo abangu-12, ababoshwe yiziphathimandla zaseTanzania ngo-October 17 ngezinsolo zokukugqugquzela ubutabane, sebededeliwe ngebheyili, kuqinisekisa uzakwabo.

Ummeli ophinde akhulumele i-Initiative for Strategic Litigation in South Africa (ISLA), uMatilda Lasseko utshele iNews24 ukuthi nakuba bonke [13] bededelwe ngebheyili, akusho ukuthi bazokwazi ukubuyela eNingizimu Afrika.

Ukudedelwa kwabo kubavumela kuphela ukuba babuyele emahhotela abo eTanzania futhi, ngokwemibandela yebheyili, kuzomele babike emaphoyiseni nsuku zonke.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abahlanu engozini yeloli eKZN

"[Iziphathimadla] zisawabambile ama-passport abo, kodwa futhi abakathweswa amacala. Asazi ukuthi ngabe bazobuyiselwa yini ama-passport. Okwamanje, iziphathimandla zisaqhubeka nophenyo,” esho.

UNdashe wayehambele kuleliya lizwe nozakwabo ukuyophonsela inselelo uhulumeni waseTanzania ngokuvalwa kwezikhungo ze-HIV.

Baboshwa besePeacock Hotel, eDar es Salaam.

Uhulumeni waseDar es Salaam uphinde wafunga ngokuphindisela emakhaya bonke abankakhasela amalungelo ezitabane.

Abatholakala bezibandakanya ocansini oluphakathi kwamadoda amabili bangase babhadle ejele iminyaka engu-30 kuya kudilikajele uma belahlwa yicala, nokho asikho isigwebo esibhekiswe ezitabaneni zesifazane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...