Bacela uxhaso abayomela elakuleli phesheya kwezilwandle

2017-04-11 11:01

Durban - Licela uxhaso iqembu labashaya indlamu kulandela ukuthi limenywe emgubhweni wamasiko ozobanjelwa phesheya kwezilwandle ePoland, ngoJulayi kuya ku-Agasti, nonyaka.

Leli qembu, iNdlondlo Zulu Dancers, aligcini ngokushaya indlamu kuphela, kepha liphinde lilingise imidlalo yeshashalazi.

Le migubho yaziwa nge-54th Beskidy Highlanders’ Week ne-28th International Folk Meetings, kanti izobanjelwa ePoland kusukela ngomhlaka-29 Julayi kuze kushaye umhlaka-6 Agasti.

UMqondisi weNdlondlo, ezinze eThekwini, uMsizeni Mngadi, uthi bangajabula ukuthola uxhaso lwemali njengoba bemenywe phesheya, kepha abagqugquzeli befestiveli ababahlinzekanga ngemali yokuhamba.

“Sidinga abantu abangasisiza ukuthi sikwazi ukuthatha indiza siye ePoland baphinde basibuyise futhi ngoba konke okunye sizohlinzekwa ngakho phambili,” kuchaza uMngadi.

Uthe le festiveli izobe ibanjelwe emadolobheni ayisihlanu kuleliya lizwe.

UMngadi uthi le nhlangano, eyabunjwa ngo-2010, bahlose ngayo ukuqhakambisa nokufundisa intsha ngezindlela ezahlukene zokugcina amasiko.

OLUNYE UDABA: Abalimi kumele bathole uxhaso - Mantashe

“Sigudla iNingizimu Afrika yonke sinandisa emicimbini eyehlukahlukene ngenhloso yokuvuselela inhlonipho kanye nokuzigqaja ngosiko entsheni yakeleli,” echaza.

Ebuzwa ukuthi kwagcina kanjani sebemenywe ePoland uthe: “Sahlangana nabagqugquzeli balo mcimbi komunye umcimbi owawuse-Italy ngonyaka owedlule, bawuthanda umsebenzi wethu base besimemela ePoland,” esho.

Mayelana nemizamo yokuthola uxhaso kuhulumeni, uMngadi uthi ubeke waxhumana noMnyango wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, kulandela ukuthi owesifundazwe umchithile wathi imali ayikho, kepha kuze kube yimanje usalinde impendulo.

“Uma ngiya eminyangweni kahulumeni angilutholi usizo nakuba lokhu esikwenzayo kundizisela phezulu ifulegi lakuleli emazweni,” esho elandisa iZindaba24.

“Besicela osomabhizinisi kanye nezinhlangano ezahlukene ukuthi bafake isandla basize ukuthi sikwazi ukugcina leli qembu liphila, sikwazi ukufukula intsha futhi siqhubeke nokumela iNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle,” echaza.

Leli qembu liyatholakala ku-Facebook, abathanda ukwelula isandla bangaxhumana nalo ngqo kwethi-indlondlozuludancers@gmail.com.

Buka enye yama-video abo ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...