Baboshiwe abathele uphethiloli babaleka egaraji lakwa-Engen

2017-02-02 18:01

Johannesburg - Kuboshwe amasela amabili ngemuva kokuzama ukubaleka ngaphandle kokukhokhela uphethiloli egaraji lakwa-Engen, eBirchleigh North, e-East Rand ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa aseNorkem Park uCaptain Lesibana Molokomme uthe abasolwa bnobabili bagcwalise uphethiloli wemali engu-R600 emotweni yabo egaraji lakwa-Engen ekhoneni likaStrydom Street noPongola River Drive.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zithathe amahora amane ukweba umentshisi

Ngesikhathi osebenza kuleli garaji eklwebha ikhasi, bavele babaleka beshiya ikhadi labo emuva, kubika iKempton Express.

Ngokusho konogada benkampani iMML babizelwe endaweni yesigameko ngemuva kwezithuba zabo-02:00 ekuseni.

Amaphoyisa agijimise abasolwa abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo babamba ekhoneni ezimpambanweni zomgwaqo kuPongolo River noMooiriver Drive.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...