Baboshiwe abafana 'abadlwengula' intombazane ephathini

2017-07-12 14:00

Johannesburg - Amaphoyisa asebophe abafana abathathu abaneminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-17 ubudala ngezinsolo zokudlwengula intombazane, 14, emijondolo eseKagiso, eWest Rand.

Umama wengane uthi indodakazi yakhe yanyamalala ngoMgqibelo wangomhlaka-1 Julayi, ngezithuba zabo-15:00, kubika iKrugersdorp News.

Lo wesifazane edela konke ngoba ethungatha indodakazi yakhe, wavalela umngani wendodakazi yakhe endlini izinsuku ezimbili, wamshaya efuna ukwazi ukuthi ikuphi indodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe intombazane ilibangise ekhaya

Lo wesifazane watshelwa ukuthi indodakazi yakhe igcine ukubonakala emzini othile khona endaweni. Lo mngani waphinde watshela lo mama ukuthi ingane yakhe yadlwengulwa ephathini.

Umama wentombazane wabikela amaphoyisa aseKagiso, okuyiwo alandela imikhondo kwabe sekuboshwa abafana abathathu.

La bafana bagcinwa esiteshini samaphoyisa aseKagiso, bavulelwa icala lokudlwengula.

Bobathathu abasolwa badluliselwa esikhungweni sokuhlunyeleliswa isimilo.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...