Baboshiwe ababanjwe belayisha izinkomo 'zabantu' elolini

2018-04-19 13:59

Durban - Kulindeleke ukuba bavele kusasa eNkantolo yeMantshi yaseKokstad abasolwa ababilli ngezinsolo zokweba imfuyo e-Eastern Cape.

Ngomhlaka-18 Ephreli 2018, amalungu eKokstad Theft Unit asukumela phezulu ngemuva kokuncinzwa indlebe ngabasolwa ngokweba imfuyo endaweni. La maphoyisa alandela imikhondo eyawaholela endaweni lapho okwakulayishwa khona izinkomo elolini.

Kwatholakala izinkomo ezingu-12 kwase kuboshwa abasolwa ababili ngemuva kokuba abasolwa bengakwazanga ukuchazela amaphoyisa ukuthi lezi zinkomo bazithathe kuphi.

OLUNYE UDABA:Ikhansela liboshelwe ukweba imfuyo

Ngokuqhubeka kophenyo, kutholakale ukuthi lezi zinkomo zebiwa eMount Ayliff, e-Eastern Cape.

Lezi zinkomo zitholakale ngemuva kokuba umnikazi wazo abone ukuthi zebiwe.

Abasolwa, oneminyaka engu-19 nengu-38 ubudala, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseKokstad ngoLwesihlanu (kusasa) ngecala lokweba imfuyo.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, liwashayele ihlombe amaphoyisa ngokuboshwa kwabasolwa abanukwa ngokweba imfuyo nangokutholakala kwemfuyo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...