Babili ababoshwe eNgwavuma betholakala nezibhamu ezingekho emthethweni

2017-11-14 14:00

eThekwini - NgoMsombuluko ebusuku amaphoyisa abesebenzela eMkhanyakude ngomkhankaso wokuthungatha abaphatha izibhamu ezingekho emthethweni.

Kulo mkhankaso, kubanjwe abasolwa ababili betholakala nezibhamu ezingenawo amalayisensi kanye nezinhlamvu.

OLUNYE UDABA:Sesitholakele isidumbu somfana wesibili obeduke nomngani eThekwini

Laba basolwa babanjwe ngesintatha zangoLwesibili ngesikhathi amaphoyisa esehambela endaweni yaseNdumo eNgwavuma.

Laba basolwa batholakala nezibhamu zohlobo lwe-AK47 kanye ne-shotgun nezinhlamvu ezingu-41.

Laba baneminyaka ephakathi kuka-52 no-63 ubudala kanti bazovela phambi kweMantshi yaseGwavuma kungekudala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...