Babeke phansi amathuluzi abasebenzi bakwa-SABC ngenxa yeholo

2017-12-12 12:31

Cape Town –Abasebenzi bomsakazeli womphakathi iSABC babeke phansi amathuluzi njengoba bangenele isiteleka bekhala ngamaholo.

Le nkampani iveze lokhu ngoMsombuluko ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo  nezinynyana.

Ngempelasonto i-SABC ibe nezingxoxo nezinyunyana iBroadcasting, Electronic, Media and Allied Workers' Union (Bemawu), kanye ne-Communications Workers' Union (CWU) lapho bekudingidwa khona udaba lokukhushulwa kwamaholo.

OLUNYE UDABA: Amazwi enduduzo ngokudlula kobengumhlaziyi webhola kwa-SABC

“ISABC ifuna ukunikeza abasebenzi u-4.5% wezinyanga eziyisithupha zokugcina kulo nyaka kuze kube wukuthi ziyagoqwa izingxoxo bese imali yesivumelwano ikhokhwa ngokuhamba kwesikhathi, uma inkampani isimi kahle ngakwezezimali,”kusho okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago.

UKganyago uqinisekise umphakathi ukuthi izosakazwa bukhoma inkomfa kazwelonke ye-ANC ezokuba ngoMgqobelo.

Uthi bazokulandela imigomo yokuthi abangasebenzanga ngeke bahole kulaba basebenzi abajoyine isiteleka.

Okhulumela inyunyana iBemawu uHannes du Buisson utshele abeNews24 ukuthi abasebenzi bafuna ukukhushulelwa amaholo ngo-6%.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...