Babanjwe eNkwalini abahlasele owesilisa ngentululwane yezinhlamvu eFilidi

2017-11-20 14:00

eThekwini - NgoMgqibelo mhlazingu-18 kuNovemba 2017 isisulu sasisemzini waso emini sekugamenxe ihora lokuqala ngesikhathi kugasela iqulu lamadoda ayisikhombisa.

Laba basolwa bangena kulo muzi bavulela ngenhlamvu bebhekise kuso isisulu sisemotweni, ngenhlanhla asizange silimale.

Kuthiwa laba basolwa bebesola lo mlisa ngokuba yisigebengu eseba imfuyo endaweni.

OLUNYE UDABA: Isibindi sentombazane ethunjwe eFilidi sisindise namanye eNquthu

Abasolwa babaleka ngezimoto ezimbili abebefike ngazo kanti isisulu lesi sazibona.

Kwavulwa icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni aseFilidi izithombe zezimoto zabasolwa zathunyelwa kuwo wonke amaphoyisa abesebenza.

Ebusuku ngalolo suku, amaphoyisa aseShowe ngokubambisana namaphoyisa asoLundi abambe lezi zimoto eNkwalini bephakathi laba basolwa okuthiwa yibona ebebedubula.

Laba basolwa abayisikhombisa abatholakale kule moto bebephethe izibhamu ezine ezingekho ethethweni. Amaphoyisa abuye athola omakhalekhukhwini abaningi, imimese kanye nenye impahla esolisayo.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseFilidi ngoLwesibili ngecala lokuzama ukubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...