Babanjiwe abebekhwabanisa imali ye-Shoprite Money Market
2016-11-30 18:02
Pretoria - Kuboshwe ababili
ngezinsolo zokuqola abantu abathumela imali ngohlelo lweMoney Market esitolo
sakwaShoprite.
Kuthiwa laba
bebelalela izinkuluma zabantu kanye nabasebenzi bakwaSoprite uma beyofaka
imali.
Laba baqola abantu
abafaka imali ezitolo eziseMamelodi, kanye naseSunnyside ePitoli, kubika i-Rekord
East.
Okhulumela
amaphoyisa seSunnyside uKaputeni Daniel Mavimbela uthi lamadoda aseminyakeni
ephakathi kuka28 no-32 ubudala aqole abantu imali engaphezu kuka-R7 000.
OLUNYE UDABA:Ibucayi imali yesondlo
“Kubikwa ukuthi ngemuva kokufaka imali, isisulu besithola
ucingo kuthiwa lemininingwane abayithole kubasizi bakwiMoney Market ayisebenzi.
"Bebefundela isisulu le mininingwane ukuze bakholwe ngempela ukuthi kukhona
okungahambanga kahle.
Kuthiwa laba bebesebenzisa le ndlela ukuqinisekisa
imininingwane yalaba abebeyofaka imali ngaphambi kokuba bayoyikhipha imali.
- News24