Azofaka isicelo sebheyili amadoda asolwa ngokuduna uDumi Masilela

2017-09-04 19:30

Johannesburg - Isicelo sebheyili samadoda amabili asolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokuduna imoto yomlingisi weRhythm City uDumi Masilela sizolalelwa ngoLwesithathu.

Icala elibhekene noMfundo Nkosi noBongani Masombuka lihlehliswe namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo yeMantshi yaseBenoni, ngezinsolo zokutholakala nemoto yohlobo lwe-Jeep eyadunwa, kanye nesibhamu esingekho emthethweni.

OLUNYE UDABA:Ubekwa endaweni yakhe yokugcina umlingisi uDumi Masilela

UMasilela wayepake emgwaqeni eTembisa ngomhlaka-2 Agasti ehlezi nomngani wakhe ngaphakathi emotweni ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lwe-Jeep emnyama. Abasolwa kuthiwa bazama ukuduna uMasilela imoto, wathi uma ezama ukusuka, wadutshulwa.

Umngani wakhe wakwazi ukumphuthumisa esibhedlela, kepha kwathi ngemuva kwesikhashana wahlonzwa njengoshonile esibhedlela.

UMbuso ubungakathwesi muntu icala lokubulala uMasilela.

UMasilela wabekwa endaweni yakhe yokugcina ngomhlaka-12 Agasti 2017.

Ukushona kukaMasilela kwashukumisa iNingizimu Afrika yonke, abantu bengakholwa ukuthi lo mlingisi akasekho ngempela emhlabeni.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...