Azikho izinyathelo asethathelwe zona uZille - DA

2017-03-20 11:02

Johannesburg - Ilungu le-DA ePhalamende uGlynnis Breytenbach likuphikile ukuthi uNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille uzobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe ngokushesha ngombhalo wakhe ku-Twitter mayelana nengcindezelo, wathi kudingeka kuqale kwenziwe uphenyo kuqala.

UBreytenbach uthi kudingeka kwenziwe izinto ngendlela efanele.

UZille ngesonto eledlule wabhala ku-Twitter ukuthi ezinye zezinto ezenzeka ngobandlululo azizimbi.

OLUNYE UDABA: Umndeni kaJoe Mafela uyabonga ngemiyalezo

Umholi we-DA uMmusi Maimane wathi umbono kaZille akuwona oweqembu, wathi isikhathi sengcindezelo ngeke kwenziwa engathi sasisihle.

UBreytenbach uthi iqembu lizokwenza uphenyo olunzulu ngalolu daba ukuthola ukuthi ngabe umbhalo wakhe uphambene yini nemigomo ye-DA noma umthethosisekelo wale nhlangano.

- SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C High level clouds. Mild. Pta: 5-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...