'Ayisalali induku yami'

2017-11-02 19:27

Johannesburg - Isenkingeni indoda ogama layo nguJabulani Mtyali ngemuva kokusebenzisa umvusankunzi osekuphele isikhathi eside umise "induku" yayo.

UMtyali wanquma ukuyothenga umvusankunzi ngemuva kokugconwa yintombi yakhe kulandela ukungavukelwa izinyanga ezine.

Le ndoda, 41, yaseQueenstown e-Eastern Cape yabe isilibangisa ePort Elizabeth iyothenga amaphilisi okuvusa "induku" kodwa yazithola isisenzkingeni, "induku" yayo yahlala imile isonto lonke.

UMtyali uthe intombi yakhe yeminyaka emibili yamshiya ngoLwesihlanu ngoba umvusankunzi wawumphoqa ukuba azibandakanye nayo ocansini njalo, izolo (ngoLwesithathu), besekuphela usuku lwesithupha esezinhlungwini.

OLUNYE UDABA:'Induku' ibhajwe kwisipanela 'kudlalwa' izithandani zizitika ngocansi

"Ngaqala ukuba 'nenduku' entekenteke ngoJulayi. Intombi yami eneminyaka engu-23 ubudala yakhala ngokuthi induku yami ayisefani.

"Umngani wami wangithatha sahamba naye saya emakethe eKorsten lapho engathenga khona amaphakethe amabili omvusankunzi abiza u-R60 iphakethe lilinye."

UMtyali wafika endlini yakhe ngoLwesine olwedlule, waphuza amaphilisi amabili.

"'Induku' yami yavele yaqina, intombi yami yajabula. Kodwa isimo sashuba ngesikhathi kuhamba isikhathi 'induku' yami ingabuyeli esimeni.  Yayilokhu imile ubusuku bonke saqhubeka necansi ubusuku bonke intombi yami yaze yopha," usho njalo.

UMtyali uthe induku yakhe yayibuhlungu kakhulu, odokotela bathi udinga imali engu-R15 000 ukuze ezohlinzwa.

"Anginayo leyo mali, umama wami udayisa izinkomo ezimbili ukuze ngizokwazi ukukhokhela odokotela," esho.

Udokotela wasePort Elizabeth, uthe uMtyali kudingeka ukuba alashwe ngokushesha ngoba kuyingozi ukuvukelwa izinsuku ezingaphezu kwezine.

Intombi kaMtyali ithe iyamthanda kodwa angeke imelane nenkinga yakhe yokuvukelwa.


 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-32 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...