Ayikho inkinga ngamabhokisi okuvotela alahliwe: IEC

2016-08-04 20:33

Durban – Amabhokisi okuvotela atholwe endaweni okulahlwa kuyo udoti eLamontiville, eningizimu neTheku, abewudoti, kusho iziphathimandla ze-IEC ngoLwesine.

"Bekunamabhokisi okuvotela endawnei yokulahla udoti eLamontville. La mabhokisi abesetshenziswa izolo esikhungweni sokuvota endaweni kanti uma sekuqediwe ngawo alahlwa wonke amakhalibhothi," kusho iNhloko ye-IEC KwaZulu-Natal uMawethu Mosery.

OLUNYE UDABA: Uphume esephoxekile umlingisi eyovota

UMosery uthe amaphoyisa nabe-IEC baphuthunyiswe endaweni yesigameko.

"Abengekho amaphepha okuvota. Amabhokisi okuvota kuzo zonke izikhungo zokuvotela eLamontville ayaziwa. Asinankinga namabhokisi eLamontville."

Uqhube ngokuthi: "Alukho uphenyo olusazoqhutshwa yithi. Amabhokisi alahlwe ngendlela."

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...