Ayicaci imbangela yokuqothwa kwamalungu angu-6 omndeni e-KZN

2016-04-11 07:00

Durban – Kubulawe abantu abayisihlanu ngesihluku ngesikhathi kuqothwa umndeni KwaCeza ngaseVryheid, ngoMgqibelo ebusuku.

Kulesi sigameko kugencwe ngobhushu ingane eneminyaka emithathu ubudala,kwadutshulwa owesilisa kwathi abanye abantu abadala ababili nengane eneminyaka engu-5 ubudala bangqongqiswa nendlu.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Shooz Magudulela uthe kusolakala ukuthi lo mndeni uhlaselwe ebusuku abasolwa abayisihlanu.

OLUNYE UDABA: Kubulawe izingane kuhlaselwa umndeni

“Kusolakala ukuthi isisulu,33, sidutshulwe ekhanda safa ujuqu. Lezi ezinye izisulu ezintathu, ezineminyaka engu-5, 58 no-60 ubudala zishiswe nendlu karawondi. Ingane, 3, igencwe ngocelemba,”esho.

Umbiko we-SABC ubike ngeSonto ebusuku wathi isisulu sesithupha sishonele esibhedlela.

Kuboshwe abasolwa ababili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...