Ayavela enkantolo amalungu ebandla lezimanga iSeven Angels Ministries

2018-03-13 12:31

eNgcobo - Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngamacala okubulala abasolwa ababili basebandleni lodumo iSeven Angels Ministries ngaphandle kwaseNgcobo, e-Eastern Cape.

Abezindaba zakwa-SABC babike ukuthi abasolwa bathweswe amacala okubulala uNdumiso Jali nonkosikazi wakhe abebengamalungu aleli bandla.

Izisulu kusolwa ukuthi zabulawelwa emzini wazo ekuqaleni konyaka kanti amaphoyisa aze azithola ngesikhathi kuqhubeka uphenyo odabeni lokuhlaselwa kwamaphoyisa esiteshini samaphoyisa aseNgcobo.

OLUNYE UDABA:Sekuqalile ukuthungathwa kwabahlasele amaphoyisa eNgcobo

Amanye amalungu ebandla nawo ayabandakanyeka esigamekweni sokuhlaselwa kwamaphoyisa esiteshini. Kusolwa ukuthi abasolwa babaleka nesamba semali.

Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela esontweni ezinsukwini ezimbalwa kwenzeke isigameko ngenyanga edlule, abanye abasolwa kubalwa nomholi webandla badutshulwa bashona kudubulana amaphoyisa nabasolwa.

Amaphoyisa athola ukuthi kukhona okuhlanganisa abakwaJali nabaholi bebandla, oMancoba.

Omunye wabaholi bebandla kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseNgcobo ngezinsolo ezihlobene namacala ocansi enzeka esontweni.

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...