Ayageleza awenduduzo ngokushona kwabantu esikebheni

2016-11-21 07:04

Johannesburg - Alokhu engene njalo amazwi enduduzo emindenini yalabo abashone kusha isikebhe eHartbeespoort Dam ngoMgqibelo.

UNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo uzwakalise ukuzwelana nemindeni yabagibeli besikebhe abane abashonile.

abathathu bagwilizile kwathi oyedwa washa waze washona. Zonke izisulu ngezesifazane.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kushone abane isikebhe sithungeleka ngomlilo

UMahumapelo unxenxe amaphoyisa ukuba aphenye kabanzi imbangela yelangabi.

Lesi sikebhe sokungcebeleka besinabagibeli ababalelwa ku-200 kuso.

ISouth African Maritime Safety Authority iqalise upheyo.

Ngokwe-SAMSA, umlilo uqale ngaphansi kwesikebhe lapho okutholakala khona igumbi lokupheka, izindlu zangasese nenjini.

Amaphoyisa avule idokodo.

 - eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...