Asinde ngokulambisa amadoda adutshulwe ngentululwane yezinhlamvu

2017-02-17 16:01

Cape Town - Kusinde amadoda amabili adutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngabasolwa abangu-10 abebegqoke izivatho zamaSulumane, emzini oseDelft, eKapa.

Umthombo wamaphoyisa okhulume nabezindaba iNews24 uthe amadoda amathathu abehamba ngamaveni amathathu ezimboze ubuso afike apaka ngaphandle komuzi okuVierlelie Crescent ngezithuba zabo-22:10.

OLUNYE UDABA: Ibhekene namathathu evulele ngenganono esontweni

Kusolakala ukuthi abasolwa babize la madoda amabili ngamagama kwathi uma ephuma esangweni kwaqhuma isibhamu.

Ngokuhamba kwesikhathi kube sekutholakala amagobolondo ezinhlamvu angu-12 endaweni yesigameko, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthe la madoda athole amanxeba amaningi okudutshulwa. Asinde ngokulambisa kulesi sigameko.

URwexana uthe akukaboshwa muntu okwamanje.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...