Asikwazi ukuba nenhlangano efakwa ezinkantolo zonke izinsuku - Zuma

2017-12-16 18:01

Durban - Asikwazi ukuba nenhlangano eyiswa ezinkantolo zonke izinsuku, kusho uMengameli Jacob Zuma, wananela ngokuthi leyo nto ayiyinhle futhi ayiyibeki kahle i-ANC emehlweni abantu.

"Le nto yokuyiswa ezinkantolo usuku nosuku yenza i-ANC ingaveli kahle emehlweni abantu, ayiyinhle," esho.

Uthe izinto kumele zilungiswe ngaphakathi, kuthi uma lokho kungenzeki kubhekanwe ngqo nobuholi.

Uqhube ngokuthi akukuhle ukuthi I-ANC ibe yinhlangano ezolawulwa yizinkantolo ngezinyathelo ekumele izithathe.

Lokhu kulandela izinqumo ezintathu zezinkantolo zangoLwesihlanu eziveze ukuthi izinkomfa zezifundazwe ezintathu; okuyiNorth West, iKwaZulu-Natal kanye neFree State zazingekho emthethweni. Lokhu kusho ukuthi izithunywa eziqhamuka kulezi zifunda ngeke zikwazi ukuvota kule ngqungquthela.

Ubekhuluma evula ingqungquthela yokukhethwa kubuholi ehlezi eNasrec, eSoweto, eqale ngoMgqibelo lapho kulindeleke khona ukuthi kukhethwe ubuholi obusha.

UZuma uphinde wakhuluma ngokuqembuka, wathi yikho okuyingozi kakhulu kule nhlangano.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...