Asibazondi abamhlophe, kepha umhlaba wona kumele ubuye - Zuma

2017-02-16 19:34

Cape Town – Umhlaba uzobuyela kubantu, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesine, ngesikhathi ephendula inkulumompikiswano emayelana nenkulumo yakhe ebhekiswe esizweni.

UMengameli ubephendula ukugxekwa obekuvela emaqenjini aphikisayo mayelana nodaba lomhlaba kanye nokuhamba ngonyawo lonwabu kokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo, kusho uZuma etshela amaLungu ePhalamende.

Uthe uhulumeni wakhe unendaba kakhulu nezinto ezithinta abantu ngqo.

"Uhulumeni uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umhlaba uzobuyiselwa kubanikazi bawo,” esho etshela isiShayamthetho.

UMengameli uthe ukuphuma kancane enkulumeni yakhe, wathi kuyamangaza ukubona amanye amaqembu enza sengathi anendaba nabantu, ekubeni azi kahle ukuthi asohlangothini lwalabo abantshontsha umhlaba.

OLUNYE UDABA: BUKA: UZuma ugasele kungalindele muntu esiteshini samaphoyisa

Indaba yomhlaba kumele kuhlalwe phansi kudingidwe ngayo, ngale kwalokho ngelinye ilanga “liyobhoboka ithumba”.

"Ukungabhekani nalolu daba kuyosho ukuthi sikubona kukuhle ukuthi kube khona abantu abangenawo umhlaba, ekubeni umhlaba ukhona kuleli lizwe.”

Uthe konke okuzokwenziwa kuzobe kuhanjiswa ngomthetho.

Uqhube wathi ukukhuluma ngokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo akusho ukuthi kuzondwa abantu abamhlophe, kunaba uZuma.

Ubebhekise kumholi we-FF Plus, uPieter Groenewald, usole uZuma ngokuzonda abamhlophe ephendula inkulumo ebhekiswe esizweni kaMengameli.

“Lokho akusho ukuthi sizonda abantu abamhlophe. Ubuholi kumele buthole indlela yokugwema leso simo, ngakho angicabangi ukuthi kuwumqondo omuhle ukuthi kuthi uma kukhulunywa ngalolu daba lomhlaba, kuthiwe uzonda abamhlophe,” kusho uMengameli.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...