Asenkantolo amadoda asolwa kwelokubulawa komlingisi

2017-10-06 14:03

Johannesburg  - Amadoda amathathu aboshelwa ukubandakanyeka esigamekweni sokuzama ukuduna umlingisi, uDumi Masilela, ayavela eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngecala lokubulala ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini, uthe la madoda amathathu aboshelwa ukubandakanyeka kwesokuzama ukuduna uMasilela asethweswe necala lokubulala.

UMasilela, 29, obelingisa kumdlalo wakumabonakude iRhythm City washona ngo-Agasti ngemuva kokudutshulwa ngabantu ababehamba ngemoto yohlobo lweJeep emnyama.

OLUNYE UDABA:Azofaka isicelo sebheyili amadoda asolwa ngokuduna uDumi Masilela

Lo mlingisi owake wadlala ibhola lezinyawo, wadutshulwa kanye, kodwa wakwazi ukuzishayelela aze afike esibhedlela, lapho ahlinzwa khona.

UMasilela washona ngemuva kwesikhashana ngenxa yokuthi inhlamvu yamshaya endaweni ebucayi.

Kwaboshwa abantu abathathu ngemuva kwesigameko sokubulawa kukaMasilela.

UDlamini uthe ngemuva kophenyo, la madoda athweswe icala lokubulala nelokuzama ukuduna imoto.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...