Angu-25 amabhizinisi aseswele indawo yokusebenzela ngokusha kwe-320

2017-01-01 11:02

Durban – Angu-25 amabhizinisi asale dengwane kulandela ukusha kwebhilidi elidumile ku-West Street eThekwini.

Kushe indawo engango 5000 square metres kusho u-floor 23 kuya ku-26 e-320 ngoLwesithathu.

Abe-Urban Lime Properties okuyinkampani ephethe leli bhilidi bathi leli bhilidi beliqashise amabhizinisi angu-25.

OLUNYE UDABA:IVIDEO: Lishe ubuhanguhangu ibhilidi lodumo eThekwini

“Ithimba lethu lisebenza ubusuku nemini ukutholela lamabhizinisi aphazamisekile enye indawo yokusebenzela,” kusho  uJonny Friedman, ongumphathi omkhulu we-Urban Lime Properties.

"Lawa ngamabhizinisi amancane futhi ngeke akwazi ukumelana nokuphazamiseka ngale ndlela. Ngiyazwelana nabanikazi balawa mabhizinisi, abanye balahlekelwe imisebenzi emikhulu abangeke bakwazi ukuyibuyisa.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...