Anginaso isikhathi samaphathi osuku lokuzalwa - Owe-ANC

2017-05-09 16:00

Johannesburg - ULindiwe Sisulu oyilungu eliphezulu le-African National Congress ngeke abeyingxenye yomcimbi womphakathi ozoba sesikoleni eKhayelitsha‚ eKapa, ukubungaza usuku lwakhe lokuzalwa, kusho ihhovisi lakhe.

Lokhu ukusho nakuba kunezikhangiso zomcimbi ezithi uzobe ekhona ngoMeyi 13 kulo mcimbi.

USisulu‚ onguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu nophinde abeyilungu lekomidi eliphezulu ku-ANC, uzobe ehlanganisa iminyaka engu-62 edla anhlamvana ngoMeyi 10.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa umphakathi ngamabhubeis eqe esiqiwini

“UNgqongqoshe Sisulu akaze futhi akasoze aqale maduzane ukuhamba enza amaphathi kugujwa usuku lwakhe lokuzalwa.

“UNgqongqoshe kunalokho uzimisele ngokutholela izixazululo abantu baseNingizimu Afrika abadinga kakhulu izindlu,” kusho uMnyango esitatimendeni ngoLwesibili.

USisulu ungumfelokazi, kulandela ukudlula emhlabeni komyeni wakhe uSolwazi Rok Ajulu ongowokudabuka eKenya‚ obulawe yisifo somdlavuza eneminyaka engu-66 ubudala ngoDisemba 2016.

- Sowetan Live

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...