Angikholwa ukuthi umnotho ubanjwe ngumuntu oyedwa - Gigaba

2017-04-05 07:01

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba ubize isithangami sabezindaba lapho bekudingidwa khona ngezinguquko ezenzeka kulo Mnyango wakhe omusha.

Lo Ngqongqoshe uthi wezwa ngoLwesihlanu ukuthi iS&P Global izokwehlisa izinga leNingizimu Afrika kwezomnotho futhi ngeke ihlehle kuleso sinqumo sayo.

"NgoMsombuluko ngiveze ukuthi ngibe nezingxoxo nezinkampani ezihlaziya umnotho wezwe, besengibikelwe ngesinqumo se-S&P futhi angizange ngixhumane nabo ngenxa yokuthi bese besithathile isinqumo sabo," esho.

UGigaba unxuse abezindaba ukuba bangagxili ezintweni esezadlula, bebhebhethekisa umlilo wamaphepha ngokuthusa abantu kodwa kumele babheke phambili, balekelele ekwakheni umnotho nasekuthuthukiseni lo mnotho.

UGigaba ubuye wathi ziningi izizathu ezenza ukuba kucwile umnotho, ngakho-ke akungabhekwa uhlangothi olulodwa kube sengathi yilona lodwa olwenza isimo sibe sibi ngale ndlela.

"Siyazi ukuthi isimemezelo sangoMsombuluko sisibuyisela emuva kakhulu njengezwe, kodwa esikhundleni sokuthi sihlale sigxile ezinkingeni esibhekene nazo, kumele siphokophelele phambili. Kumele siqhamuke namasu okukhulisa umnotho nokuqinisa ubudlelwano esinabo nabatshalizimali," kusho uGigaba.

OLUNYE UDABA:UGigaba uthe uzohlangana nabaqasha abafike ngokungemthetho kuleli

UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uBelinda Scott, uyihlabe wayihlikiza eyabagxeka uGigaba ngokuthi asimfanele lesi sikhundla.

UScott usho lokhu esemcimbini wezemidlalo yezikole zaku-Ward 9 eMolweni ngesikhathi ephendula imibuzo ngezinguquko ezenziwe nguMengameli uJacob Zuma.

“UGigaba ungomunye woNgqongqoshe abasebenza ngokuzikhandla futhi useneminyaka engu-15 esebenza. Ngikhuluma-nje ubenikwe izikhundla ezimbili ezinzima, wafike wenza into yamehlo kuzo.

“Ngalokho ngithi kubantu abamnike ithuba uGigaba sebengakhuluma uma sebebone umsebenzi wakhe kulesi sikhundla aqokelwe kusona,” kubeka uScott.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...