Angibethembi abelungu - Owafelwa yindodana

2017-05-19 12:30

Coligny – Abazali bomfana waseColigny okuthiwa wabulawa abalimi ababili, bathi bahleli ngokwesaba kule ndawo.

Umfana oneminyaka engu-16 ubudala, uMatlhomola Moshoeu, ushone ngenyanga edlule.

Abesilisa ababili abathweswe icala lokubulala bathi babamba uMoshoeu eba izitshalo ezingojikanelanga epulazini  kodwa abambulalanga uMoshoeu, wagxuma waphuma emotweni ihamba ngesikhathi bemhambisa emaphoyiseni.

Lolu daba lwasusa imibhikisho endaweni kwacekelwa phansi nemizi yabantu.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowagqekeza, wadlwengula intombazane ilele

Ubaba kaMoshoeu, uSaki Dingake, uthi uhlala ezibuza ukuthi yabulawelani indodana yakhe.

Uthi yena nomama womfana bahlala ngokwesaba manje futhi bayaqikelela ukuthi abasahambi ebusuku.

“Angisabethembi nhlobo abelungu. Ngisho ukuhlala endlini yami sekunzima. Ngiyaqikelela ukuthi uma ngihamba, ngibuya ngaphambi kwehora lesithathu ntambama. Ngiyabesaba abelungu.” 

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...