'Angeke iphinde ifane iGenerations'

2017-03-19 17:32

Cape Town - Umsakazeli womphakathi iSouth African Broadcasting Corporatin (SABC), yiqembu lepolitiki iDemocratic Alliance (DA) nele-Economic Freedom Fighter (EFF) ezitatimendeni ezahlukene uzwakalise amazwi enduduzo ngokudlula kwenkakha yomlingisi uJoe Mafela.

UJoe Mafela, 75, udlule emhlabeni ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:Kungenzeka ukuba ubulawe ukugula 'uSdumo', nakuba ebandakanye engozini

Umshana wakhe u-Anthony Mafela udalule lezi zindaba ezingezinhle enkundleni yezokuxhumana iTwitter ngeSonto ekuseni.

I-SABC ithe uMafela ubeyinkakha kwezokulingisa, ubuso nezwi lale mboni.

I-DA yona izwakalise ukudabuka okukhulu ngokudlula kwa"Sdumo" yaphinde yashayela umsebenzi wakhe emdlalweni yeshashalazi nakubonakude ihlombe.

"Siyohlezi simukhumbula uSdumo othandekayo we-S'gudi 'Snaysi.

"IGenerations angeke iphinde ifane njengoba engasekho umalume uTebogo."

I-EFF idlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani nozakwabo baJoe Mafela

Le nkakha yomlingisi, umbhali wamculo obephinde abenguprojusa yamafilimu yazalelwa eLimpopo idlule emhlabeni kulandela ingozi yemoto eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku, zingumhlaka-18 Mashi 2017.

"Alale ngokuthula!"

- Twitter:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...